31/05/2026
Kade ziwushaya kumdlali we Mamelodi Sundowns uMothobi Mvala💍 kulempelasonto
“Mnumzane”
Enkundleni ikhasi elikuthulela izindaba zebhola ngolimi lwesiZulu
31/05/2026
Kade ziwushaya kumdlali we Mamelodi Sundowns uMothobi Mvala💍 kulempelasonto
“Mnumzane”
31/05/2026
Udinwe uyafa ungqogqoshe wezemidlalo uGayton McKenzie emva kokuthi kuhlehlisiwe ukuhamba kwe Bafana Bafana obekumele kwenzeke namuhla ekseni njengoba kukhona ebengakalungi ama VISA abo. UMcKenzie usechaze lesisenzo njengesilihlazo futhi esingekho sihle nafuna izincazelo ngabathintekayo.
Sengiyitshenile iSAFA ukuthi ngifuna incazelo futhi ngifuna bethathelwe izinyathelo labobantu abangawenzanga umsebenzi wabo. Njengamanje sesibukeka njengeziphukuphuku.
31/05/2026
Usevalelisile kwiqembu lakwa Israel akade ebolekiswe kulo i-FC Ashdod umdlali we Orlando Pirates uKarim Kimvuidi.
31/05/2026
Iqembu iKaizer Chiefs kulindeleke ukuthi licacise ngekusasa lomdlali wayo wasemuva ekade imbolekise ku Black Lions yase Botswana uXolani Cossa.
30/05/2026
Iqembu lase France iPSG selingompetha be Champions League emva kokuhlula Arsenal sekukhahlelwa ama penalties
30/05/2026
Iqembu lase England iLiverpool selimemezele ukuthi selimchithile umqeqeshi walo u-Arne Slot.
30/05/2026
U-Captain weqembu lase Germany i-RB Leipzig uWilli Orban usencome iqembu leMamelodi Sundowns emva komdlalo wobungani izolo. U-Orban uthi iSundowns iliqembu elihlelekile.
30/05/2026
Congratulations Cyah Mkhatshwa ngikuziwinela Voucher ka R100.
30/05/2026
Izobuyela eSpain njengenjwayelo ukuyokwenza amalungiselelo okuqala kwe season i-Orlando Pirates Football Club.
30/05/2026
Njengoba silungiselela i-World Cup ikhasi lethu lezemidlalo “Enkundleni” lizokuthatha likubeke ukusuka nokuhlala kwemidlalo njengoba lizobe lizifikele bukhoma ezinkundleni okuzobe kudlalelwa kuzo.
Namuhla sizopha umlandeli oyedwa onenhlanhla iVoucher ka R100 (1Voucher). Ukuze kuzoba fair kuwo wonke umlandeli okumele ukwenze kule Post uku Comment ngesithombe somdlali omthandayo ngabe owalapha eSouth Africa noma owaphesheya kukuwe kodwa kube umdlali omthembayo ukuthi uzokuwinisa le voucher. Isthombe esizothola ama reaction amaningi isona esizowina umuntu osfakile bese ezitholela le voucher esizoyikhipha ngo 10:00 simumemezele kulona lelikhasi owinile wonke umuntu ezibonele ukuthi ubani odle umhlanganiso nobufakazi buphambi kwakhe.
Okumele ukwenze faka lesosthombe somdlali ocabanga ukuthi sizokuwinisa bese u share le post noma ikangaki noma kuphi ikakhukukazi kuma group ezemidlalo bese uzibeka ethubeni.
Ngo 10:00 siyayikhipha iVoucher ka R100
Sinifisela inhlanhla nisazozama. Uyedwa ozowina.