24/09/2026
UKHWISHI UKHULUMA NGESIGAMEKO ESIMSHIYE ENGASADLALI EZINDUKU
Kuvele okushaqisayo ngesigameko esiholele ekutheni uKhwishi agcine eshiye umdlalo wezinduku, ngemuva kokulimala ngesikhathi ebhekene nozakwabo. Kubikwa ukuthi kulimale umthambo, okwenze kwadingeka ukuthi awuke umdlalo.
UKhwishi uthi umfokaXaba, usemfonele waxolisa ngemuva kwalokho okwenzekile. Uthi uyalamukela futhi uyamxolela, njengoba ekholwa ukuthi okwenzekile kube yiphutha futhi akwenziwanga ngenhloso yokumlimaza.
Kwenye ingxenye yenkulumo yakhe, uKhwishi uphinde wanxusa abasebenzisa ama-akhawunti mbumbulu ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi kuFacebook, ukuba bayeke ukuzenza umfokaXaba nokubhala izinto ezingezinhle mayelana nalesi sigameko.
Ugcizelele ukuthi udaba selukhulunyiwe phakathi kwabo, kanti yena usekwamukele ukuxolisa kwalowo abebhekene naye.